Ukubuthwa kwemininingo
Appearance
Ukubuthwa kwemininingo (noma ukuqoqwa kwemininingo) umdludlungu wokubutha nokulinganisa ukwaziswa okufunwayo esimisweni esisunguliwe, ukuze kutholakale izimpendulo zemibuzo futhi kucutshungulwe iziphumo. Ukubutha imininingo kuyisigcoyi socwaningo kuyo yonke imikhakha yemfundo, kuhlanganisa izinzululwazi zoqobo nezenhlalo, kwezoluntu nakwezohwebo.